Sunday, November 22, 2015

Poem For My Father


Baba

Inkondlo ka Gudu T. Maseko

Ubuyisipho esingavelele
Luthando olunohlonze
Kawusincishangana kepha usiphe
kwaze kwanqaba isikhathi

Baba uyizolo nekuthangi lethu
kepha kithi ingunaphakade lakho
linjengenkanyezi koduke nendlela
Eyakho ilokoza kuze kudabule ukusa
Ngikwetha isithakazelo esisha
Ngithi Ndonsa

Ngisho noma sewakhothama
Ngcamane, Khubonye ka Ndlovu ka Ntu
Bewaziwa ngobuntu bakho
Ubuhleka kuvele lesiyasikhala
Sasebunsizweni, ebuqhaweni bakho
Ngoba wayibeka induku ebandla
Nabathi bayakwazi
Bazi izigemegeme zakho

Mshokobezi ongqakala imhhloshana
Seko elimnyama elindlela zimhlophe
Sikhwili esimabokoboko ngokugadl'amadoda
Sidwabasiluthuli izintombi zikulandela
Gudu lemphepho emakha kaqondakali
Ngoba engawasemaphakadeni...

1 comment:

Kenkisan said...

In this vein, gazi laminate. Nazi ezami izinkondlo. http://chaoticfront.blogspot.co.za/2013/09/uyaphila-akaphili-uyaphila.html?m=1