Sunday, January 27, 2013

In Praise of Music

Ngokuba kusemculweni lapho sizuza khona ulwazi olunzulu
Iyodwa imizwilili yamazwi ephuma emilonyeni yabaculi
Izimbongi, izimvumi ...
Kuhaywa kuhlatshelelwa; kanti futhi lulodwa ukhuni logubhu
Lunkenketha kuhle kwamathambo nesikhumba

Uthini ngimculo wamanzi ezehlela emadwaleni
Umoya uhashaza emithini, kanye nezinyoni zitshuza emoyeni
Abantwana egcekeni nasezindleleni bevungama
Bacula elaleyomidlalo abayithakaselayo
Uma kukhuna lowo onesandlaa ekwenzeni abantwana
Babe nendumiso egwegwileyo
Akumlilo kuye maye babo!'
Sekuyoze kuvame umusa.

Umphefumulo kumele ukhuthale ukuze ingqondo ingakhathali
Umqondo uyavivinywa
Nenhliziyo iyayengwa
Ozuzayo ozithibile kwaze kwafika isikhathi
Kunjengasemculweni
Ingoma emnandi yakheka ngokuhlangana kokuphansi nokuphezulu

No comments: